I-Locational Assist
Enye yama-assists alula ukuyinikeza i-Locational Assist. I-Locational Assist yenziwa ngokususa ukunaka komuntu endaweni ebuhlungu yomzimba wakhe noma ezinkingeni zakhe bese ephumela ezintweni ezisendaweni eyakhelene naye.
Ake sithi ubufuna ukunikeza i-assist kumuntu onobunzima obungacacile neze. Lomuntu kunzima kakhulu ukuthi umenze i-assist. Lomuntu unezinhlungu, kepha akakwazi ukusho ukuthi zikuphi. Akazi ukuthi kwenzekeni kuye. Uzizwa kabi nje. Sebenzisa i-Locational Assist. Uzothola ukuthi le-assist izosebenza lapho khona amanye ama-assists engasebenzi.
INQUBO
1. Wena nalomuntu niyahlala noma niyahamba, nihambisana, ngaphakathi noma ngaphandle.
2. Tshela umuntu ozokwenza i-Locational Assist bese umchazela kafushane ukuthi uzobe ukhombisa izinto bese umcela ukuthi azibheke:
“Ngizobe ngikucela kaningi, ukuthi ubheke izinto ezahlukahlukene lapha. Ngizoyikhomba into lapho ngithi kuwe uyibuke.”
3. Khomba into bese utshela umuntu:
“Bheka leya (into).”
Khetha izinto ezahlukahlukene ukuze usebenzise umyalo. Isibonelo, umnyango, udonga, isihlahla, njll.

4. Lapho umuntu esenze kanjalo, mnikeze i-acknowledgment uthi “Ngiyabonga” noma “Kulungile” noma “Kuhle.”

5. Qhubeka ngokunikeza umyalo kabusha isikhathi ngasinye futhi ukhombe izinto ezahlukahlukene ezisendaweni. Qiniseka ukuthi uyamunikeza i-acknowledgment lomuntu ngemuva kokubuka into omtshele yona ukuthi ayibuke eseyibhekile.




6. Qhubeka nokwenza lokhu kuze kube yilapho umuntu ebona noma esengcono noma esekhululekile ngohlobo oluthile.

