INQUBOMGOMO YOBUMFIHLO
- UBUBANZI
- Le Nqubomgomo yoBumfihlo isebenza ukucubungulwa kwedatha yakho njengenxenye yokuvakashela enye yalama webhusayithi alandelayo: scientology.org, scientology.net, volunteerministers.org, youthforhumanrights.org, cchrint.org, drugfreeworld.org nanoma iyiphi enye i webhusayithi lapho kushicilelwe khona lenqubomgomo yobumfihlo ("ama Webhusayithi"), ukuxhumana kwakho nathi nge imeyili, nangocingo, nange fekisi kanye neziteshi zethu zokuxhumana nabantu (njengo Facebook, no Twitter kanye ne Instagram), ukuthenga kwakho izincwadi zezenkolo, ukucela kwakho imininingwane eminingi, ukubhalisela kwakho noma ukuzibandakanya emcimbini, noma umnikelo wakho. Le Nqubomgomo yoBumfihlo isebenza noma ngayiphi indlela lapho usinikeza idatha yakho. Uma, lapho uqokelela noma ucubungula idatha yakho, inkomba yenziwa kwenye inqubomgomo yobumfihlo, leyonqubomgomo yendlula lena uma kukhona ukuxabana.
- Uma ufuna imininingwane eminingi yokuthi sisebenzisa kanjani idatha yomuntu siqu ngamakhukhi, ama-plugins omphakathi kanye nezinye izinhlobo zobuchwepheshe bokulandela umkhondo, udluliselwa ngomusa kwiNqubomgomo yethu yamaKhukhi www.scientology.rg/cookie-policy.html
- Uma ufuna iminingwane eminingi yalezindlela ezintathu zokuposa, siyakweluleka ngomusa ukuba unake ngokwengeziwe Izihloko 5.6, 1.7 kanye no 9.3 waleNqubomgomo yoBumfihlo. Lezindlela ezintathu zokuposa zisebenza ukucubungulwa kwedatha yakho uma ugcwalisa noma ngabe iliphi ifomu, noma ngabe kungocingo noma iphepha, lokho kulandelwa yizindlela ezintathu zesikhundla zokuposa ezichaziwe kuloMgomo woBumfihlo ("Three Mailings Form").
- Lapho inkomba eyenziwe khona kule Nqubomgomo Yobumfihlo emithethweni noma ezimisweni, izichibiyelo ezingenzeka kule mithetho noma izimiso zifakiwe ngokuphelele.
- Sinelungelo lokuyishintsha futhi siyivumelanise le Nqubomgomo Yobumfihlo ngokwethu. Uma kunjalo, lezo zinguquko kanye nokuzivumelanisa nezimo kuzodluliselwa kuwe ngeWebhusayithi yethu okungenani amasonto amabili ngaphambi kokuba lezo zinguquko kanye nezimo ziqale ukusebenza. Okunye ukusetshenziswa kweWebhusayithi yethu kuzoba ngaphansi kwenqubomgomo Yobumfihlo echibiyelwe.
- SINGOBANI?
- Thina, Isonto le Scientology International ("CSI," "thina," "nathi" "okwethu"), 6331 Hollywood Boulevard, Los Angeles, CA 90028, United States of America sizibophezele ekuvikeleni ubumfihlo nokuphepha kwedatha yakho zikhathi zonke. I-CSI iphethe ukuphathwa kwezenkolo zama Sonto e-Scientology nezigaba zemishini yesonto. Ungaxhumana nathi nge-imeyili ku-dpo@scientology.net.
- I-Church of Scientolgy Europe ("CSEU" noma "Continental Liason Office"), Fabriksparken 15, 2600 Glostrup, Denmark, ikho okukhulu esikusungule e Europe ukuphatha amaSonto e-Scientology nezigaba zokuphatha e-Europe.
- NGUBANI I-CHURCH OF SCIENTOLOGY?
- I-Church of Scientology ("the church") lisungulwe laba uhlaka lwezenkolo oluhlanganisa futhi luqondise imisebenzi eminingi yezenkolo eyahlukune. Ukunweba zonke izinhlangano eziqondene nohlaka lwezenkolo kuluhlelo lwezenkolo lamazwe omhlaba lokuphatha okusuka i-Church of Scientology International ngochungechunge lwama-Continental Liaisons Offices anokuzibophezela kuzingxenye zomhlaba. Loluhlaka lokuphatha luxhasa, luxhumanise futhi lusebenze ukuqinisekisa ukuthi ifilosofi kamoya nobuchwepheshe be Dianetics ne Scientology kuyatholakala kunoma ngubani ofisa ukukwamukela nokuthi imisebenzi nemikhuba e-Scientology kuyenziwa ngokunembile njengalokho u-L. Ron Hubbard ("LRH"), umsunguli wenkolo i-Scientology, wakumisa.
- Ukuqhubeka, nokuqaphela izinhloso ezinkulu zobuntu ze-Scientology, i-Church lixhasa uchungechunge lwemikhankaso yokuthuthukisa umphakathi ezinkundleni zesimilo (Indlela Eya Enjabulweni), ukuvimbela izidakamizwa (Narconon), ukuvuselelwa (Criminon), nokufunda nokubhala (Applied Scholarstics), noma izinhlelo zokusiza esizindeni sokugula ngengqondo (Citizen Commission on Human Rights) nokusabela kwenhlekelele (Volunteer Ministers). Imikhankanso yokuthuthukisa umphakathi ixhumaniswa abe- Association for Better Living and Education (ABLE).
- I-IAS (International Association of Scientologists) inhlangano esemthethweni yobulungu be-Scientology. Inhloso yayo ukuhlanganisa, iyise phambili, ixhase futhi ivikele inkolo ye-Scientology nama-Scientologist kuzozonke izingxenye zomhlaba. Ibonga ukuxhaswa ngamalungu ayo, i-IAS ihlinzeka ngezibonelelo ukuxhasa ukusiza ngezinhlelo zokwenziwa ngcono komphakathi ezisekelwa Isonto.
- I-World Institute of Scientology Enterprises (WISE) inhlangano yobulungu bezamazwe omhlaba emalungu ayo asebenzisa ubuchwepheshe bezokuphatha buka-L. Ron Hubbard futhi besingethe ukuzibophezeleni futhi benezimiso zokuziphatha zamalungu e-WISE.
- NGUBANI ONOKUZIBOPHEZELA NGEDATHA YAKHO?
- CSI isebenza njengedatha elawula ukucubungulwa kwedatha oyihlinzekile kuzinhlangano okuzo zezinhlelo zezenkolo ze-Church, kufana ngqo ne CSI wedlula ku-Webhusayithi yethu noma esontweni kunye nesigaba semishini yesonto.
- AmaSonto endawo nezigaba zemishini yamasonto, kanye ne CSEU, asebenza njengama datha processors ethu.
- Idatha yomuntu siqu ehlinzekwe nguwe ngenjongo yezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi ngokuhlelwe yi ABLE, kulawulwa yi ABLE. Ngemininingwane eminingi, uyacelwa funda inqubomgomo yezobumfihlo esetshenziswayo ku www.able.org/online-privacy-policy.html
- Idatha yomuntu siqu ehlinzekwe nguwe kwabe IAS ilawulwa i- International Association of Scientologists Administration (IASA). Ngeminingwane eminingi, uyacelwa funda inqubomgomo yobumfihlo ye-IASA ku-www.iasmembership.org/about/privacy-notice.html
- Idatha yomuntu siqu ehlinzekwe nguwe ku-WISE ilawulwa ngabe World Institute of Scientology Enterprises International (WISE International). Ngeminingwane eminingi, uyacelwa funda inqubomgomo yobumfihlo ye-WISE ku-wwwiwise.org/en_US/feature/legal/privacy.html
- IYIPHI IDATHA YAKHO YOMUNTU SIQU ESIYICUBUNGULAYO?
- Lapho usebenzisa enye yama Webhusayithi noma izinkundla zethu zokuxhumana, singa cubungula lemikhakha elandelayo yedatha yomuntu siqu:
- Imininingwane yezobuchwepheshe, njenge mininingwane ephathelene ne-device yakho, ikheli le-IP, uhlobo lwesiphequluli, i-location okuyo kanye ne-system yokusebenza;
- Ukuziphatha kokuphequlula, njengobude bokuvakasha kwakho, izixhumanisi oziqhafazayo, amakhasi owavakashelayo kanye nemvamisa ovakashele kuyo ikhasi.
- Lapho uxhumana nathi ngokugcwalisa out ifomu lokuxhumana kwenye yama Webhusayithi ethu, noma nge imeyili, noma ngocingo, noma ifekisi noma izinkundla zokuxhumana singacubungula lemikhakha elandelayo yedatha yomuntu siqu:
- Imininingwane kamazisi osinike yona, efana negama lakho lokuqala, isibongo sakhiwo, ubulili, usuku lokuzalwa, iminyaka yakho, inkampani oyisebenzelayo, okuthandayo no kukhethayo;
- Imininingwane yokuxhumana osinikeza yona, njengekheli lakho le-imeyili, ikheli leposi, izwe, inombolo yocingo nenombolo yocingo oluphathekayo;
- Okuqukethwe kwezokuxhumana, njengesicelo sakho noma umbuzo;
- Imininingwane yezobuchwepheshe yokuxhumana, efana nokuthi ubani oxhumana naye ekugcineni kwethu, usuku kanye nesisikhathi sokuxhumana;
- Imininingwane etholakala esidlangalaleni ngawe, efana nemininingwane etholakala esidlangalaleni ku-profile yakho yezokuxhumana;
- Noma iyiphi enye imininingwane yomuntu siqu osinikeza yona.
- Lapho uthatha isivivinyo sakho siqu, esinjengesivivinyo se Oxford Capacity Analysis (OCA), singa cubungula lemikhakha elandelayo yedatha yomuntu siqu:
- Imininingwane kamazisi osinike yona, efana negama lakho lokuqala, isibongo sakho, ubulili, usuku lokuzalwa, ubudala, izintandokazi nezintshisekelo zakho;
- Imininingwane yokuxhumana osinikeza yona, njengekheli lakho le-email, ikheli leposi, izwe, inombolo yocingo nenombolo yocingo oluphathekayo;
- Imininingwane yobuntu esingayithola kwizimpendulo osinikeza zona kwimibuzo ebuziwe ngesikhathi sokuhlolwa kobuntu.
- Lapho uthatha i e-course, singacubungula lemikhakha elandelayo yedatha yomuntu siqu:
- Imininingwane kamazisi osinike yona, efana negama lakho lokuqala, isibongo sakho, ubulili, usuku lokuzalwa, ubudala, izintandokazi nezintshisekelo zakho;
- Imininingwane yokuxhumana osinikeza yona, njengekheli lakho le-email, ikheli leposi, izwe, inombolo yocingo nenombolo yocingo oluphathekayo;
- Noma iyiphi idatha yomuntu siquosihlinzeka ngayo, njegezimpendulo ze mibuzo.
- Lapho u-oda noma uthenga izinto zokwakha, njenge bhuku noma i-kit yemininingwane, singa process lemikhakha elandelayo yedatha yomuntu siqu:
- Imininingwane kamazisi osinikeza yona, efana negama lakho lokuqala, igama lokugcina, inkampani oyisebenzelayo, okuthandayo nokukhethayo;
- Imininingwane yokuxhumana osinikeza yona, njengekheli lakho le-email, ikheli leposi, izwe, inombolo yocingo nenombolo yocingo oluphathekayo;
- Imininingwane ye-oda, enjengesihloko sencwadi oyithengile;
- Imininingwane yokukhokha, efana nenani olikhokhele ukuthenga kwakho.
- lapho ucela imininingwane engeziwe, uveza ugqozi lwakho ku Scientology, bhalisela noma ngenela umcimbi, yenza umnikelo noma uma ugcwalisa out noma iliphi ifomu lapho Inqubomgomo yoBumfihlo isebenza, singa process lemikhakha yedatha yomuntu siqu (ngokwezinga okhululeke ukuhlinzeka ngayo):
- Imininingwane kamazisi osinike yona, efana negama lakho lokuqala
- Imininingwane yokuxhumana osinikeza yona, njengekheli lakho le-email, ikheli leposi, izwe, inombolo yocingo nenombolo yocingo oluphathekayo;
- Imininingwane edingekayo ukubhalisa noma wenze umnikelo, Njengemibandela edingekayo ukuhlola ukuthi uyayigcwalisa imibandela yoku bamba iqhaza;
- Imininingwane ngempilo yakho, njengokuthi kukuyiphi ingxenye yempilo lapho unokuthakasela okukhulu noma yini ongafisa ukuzithuthukisa noma ukukushintsha empilweni yakho;
- Imininingwane ngobudlelwano bakho ne-Church, njengokuthi wathola kanjani nge-Church, wakuthanda kanjani ukusebenza noma uhlelo le-Church, nokuthi ngubani ongathanda ukumema enkonzweni ye-Church;
- Imininingwane yokukhokha, efana nemali owayikhokha ngokubhalisa kwakho (uma kunomikelo noma ukukhokhelwa kokubhalisa);
- Isithombe sakho lapho umele umthwebuli wethu wezithombe noma uma usinika imvume yokwenzenjalo noma ngayiphi enye indlela;
- Noma iyiphi idatha yomuntu siquosihlinzeka ngayo (njengokuphawula ngemuva komcimbi).
- Uyacelwa ukuqaphela ukuthi lezindlela ezehlukene ezichazwe ngenhla zingenzeka ngasikhathi sinye. Isibonelo, uma uthatha isivivinyo somuntu siqu kwenye yama Webhusayithi ethu, izihloko 5.1 kanye no 5.3 zombili ziyasebenza. Sithola iningi lemininingwane yakho uqobo kusuka kuwe, kepha kungenzeka ukuthi sithola imininingwane eyengeziwe mayelana nezinketho zakho nokuziphatha kokuphequlula kusuka kubalingani abanjengo-Google. Uma udinga imininingwane eminingi mayelana nedatha yomuntu siqu lamaqembu asecubungula ngawe futhi utholakale kwabanye, uyacelwa ngomusa ukuthi uthintane nezinqubomgomo zawo zobumfihlo.
- Lapho usebenzisa enye yama Webhusayithi noma izinkundla zethu zokuxhumana, singa cubungula lemikhakha elandelayo yedatha yomuntu siqu:
- KUNGANI FUTHI KUNGAZIPHI IZIZATHU EZISEMTHETHWENI ESISEBENZISA NGAYO IDATHA YAKHO SIQU?
- Etafuleni elingezansi, sichaza ama-purposes esicubungula ngayo idatha yakho uqobo futhi ngesisekelo sokwenza kanjalo ngokomthetho. Sincike kulezi zisekelo zomthetho ezilandelayo:
- Imvume yakho, owaziswa ngayo ukuthi kusho ukuthini lokhu kwemvume ngaphambi kokunikeza ngenkululeko imvume yakho;
- Isivumelwano nawe, ukuze wenze leyo nkontileka noma ukuze kuthathqe izinyathelo ngaphambi kokungena kwisivumelwano nawe;
- Isibopho esingokomthetho okufanele sisithobele;
- Intshisekelo yethu esemthethweni, njengokuthuthuka okuqhubekayo kwe-website yethu, iziteshi ze-media yokuxhumana nabantu, izinsiza kanye nezinsizakalo ukuqinisekisa ukuthi unolwazi olungcono kakhulu, ukubenza baphephe ekusetshenzisweni kabi nasemsebenzini ongekho emthethweni, ukusabalalisa futhi bakhuthaze futhi bawenze atholakale wena, kufaka phakathi izinhlelo zethu zokuthuthuka kwezenhlalo nezinhlelo zokusiza abantu.
- Etafuleni elingezansi, sichaza ama-purposes esicubungula ngayo idatha yakho uqobo futhi ngesisekelo sokwenza kanjalo ngokomthetho. Sincike kulezi zisekelo zomthetho ezilandelayo:
- SIYALINDLULISA IDATHA LAKHO SIQU?
- Asisoze sadalula idatha yakho siqu kumalungu esithathu angaphandle kwe-Church of Scientology ngaphandle kwemvume yakho noma ngamthetho mumbe, ngaphendle kokuphoqwa umthetho ukwenze njalo. Isibonelo, singathembela kubahlinzeki ngemisebenzi uku:
- Ukukunikeza i-Webhusayithi yethu (efana nomhlinzeki wokusingathwa); noma
- Ukuqondisa imininingwane yethu yokuphromotha (efana nenkampani yokumaketha); noma
- Ukuze ucubungule i-oda lakho (njengenkampani yezokuthutha ukuletha impahla); noma
- Ukucubungula inkokhelo yakho (njengomhlinzeki wesevisi yokukhokha noma i-ejensi yokuhlola isikweletu).
La maqembu esithathu avunyelwe kuphela ukucubungula imininingwane yakho asenzele yona nemiyalo yethu ebhaliwe ebhaliwe. Siphinde futhi sigunyaze ukuthi bonke labo bantu besithathu bakhethwa ngokunakekelwa okufanele futhi bazibophezele ekubhekeni ukuphepha kanye nobuqotho bemininingwane yakho.
- Idatha yakho siqu kungabelwana ngayo phakathi kuka zwelonke, nesifunda noma izinhlangano zendawo ezihambisana ne-Church of Scientology, njegamaSonto endawo, izigaba zemishini yesonto kanye nokuthuthukiswa komphakathi nezinhlelo zokusiza ABLE – uma udinga imininingwane engeziwe ngedatha yomuntu siqu leyo u ABLE ayicubungululayo, uyacelwa ngomusa ukuthintana nenqubomgomo yobumfihlo:www.able.org/online-privacy-policy.html.
Isibonelo, singabelana ngemininingwane yakho yokuxhumana ne-Church esendaweni yangakini uma uzwakalise intshisekelo yokujoyina i-Scientology organization ukuze bakwazi ukuxhumana nawe. Kodwa-ke, sizoqinisekisa ukuthi zonke izinhlangano
ze-Scientology zizobhekisisa ukuthi konke ukucubungulwa kwemininingwane yakho kuhambisana nalokho okubalulwe kule Nqubomgomo Yobumfihlo. Idatha yakho siqu iyophinde icubungulwe ngabe CSEU, Fabriksparken 15, 2600 Glostrup, Denmark, inhloko yethu esungulelwe ukwengamela amaSonto we-Scientology kanye nezigaba zemishini yamasonto e-Europe. I-CSEU iyisigungu sethu sokuphatha kuzwekazi lase Europe. - Uma uba ilungu le the International Association of Scientologists (IAS) noma i- World Institute of Scientology Enterprises (WISE), lezinhlangano esibambisene nazo zingabelana nathi ngedatha yakho siqu. Uma udinga imininingwane eminingi mayelana nedatha yomuntu siqu lamaqembu asecubungula ngawe futhi utholakale kwabanye, uyacelwa ngomusa ukuthi uthintane nezinqubomgomo zawo zobumfihlo.
- Inqubomgomo yezoBumfihlo IASA: www.iasmembership.org/about/privacy-notice.html
- Inqubomgomo yezoBumfihlo WISE:wise.org/privacy-policy/
- Singabe siphoqelekile ngokomthetho ukwabelana nemininingwane yakho siqu nabe-ejensi yokuphoqelela umthetho noma ababamele, iziphathimandla zokwahlulela, ama-ejensi kahulumeni noma imizimba, kanye nabaphathelene nokuvikeleka kwedatha.
- Asithumeli idatha yakho yomuntu siqu ngendlela ekhonjwa komunye umuntu wesithathu kunaleyo eshiwo ku-Zihloko 7.1, 7.2, 7.3 no-7.4 ngaphandle kwemvume yakho ecacile yokwenza kanjalo. Kodwa-ke, singathumela imininingwane engaziwa kwezinye izinhlangano ezingasebenzisa leyo datha ukwenza ngcono izinto nezinsizakalo futhi zivumelanise ukumaketha, ukubonisa nokuthengisa lezo zinto nezinsizakalo.
- Asisoze sadalula idatha yakho siqu kumalungu esithathu angaphandle kwe-Church of Scientology ngaphandle kwemvume yakho noma ngamthetho mumbe, ngaphendle kokuphoqwa umthetho ukwenze njalo. Isibonelo, singathembela kubahlinzeki ngemisebenzi uku:
- SILICUBUNGULA KANJANI IDATHA LAKHO SIQU?
- Sicubungula imininingwane yakho ngaphakathi nangaphandle kwe-European Economic Area (EEA), kufaka phakathi nase-USA. Ukuze ucubungule imininingwane yakho eyenzelwe izinhloso ezichazwe ku-Article 3 ngenhla, futhi singadlulisa imininingwane yakho kubantu besithathu abacubungula thina ngaphandle kwe-EEA. Ibhizinisi ngalinye elingaphandle kwe-EEA elisebenza ngemininingwane yakho lizoboshwa ngokuphepha okuvikelekile maqondana nokucubungulwa kwemininingwane yakho yangasese. Kwa-CSI, ukuvikela okunje kuvela kokuthi siboshwe ngokuqondile ngokuhambisana nomthetho we-EU kumongo wokuvikelwa kwemininingwane yomuntu siqu. Okwesithathu, ukuphepha okunjalo kungaba ngumphumela we:
- Izwe elamukelayo linemithetho endaweni engabhekwa njengelingana nokuvikelwa okunikezwe ngaphakathi kwe-EEA; noma
- Ilungiselelo lesivumelwano phakathi kwethu nalelo bhizinisi; noma
- Indlela evunyelwe yokugunyazwa, efana nesinqumo se-EU-US Shield Sinqumo esamukelwe yiKhomishini yaseYurophu ngomhlaka 12 kuJulayi 2016.
- Singadlulisa imininingwane engaziwa kanye/noma edidiyelwe ezinhlanganweni ezingaphandle kwe-EEA. Uma kwenzeka lokho kudluliselwa kwenzeka, sizoqinisekisa ukuthi kukhona izindawo zokuphepha ezikhona ukuze kuqinisekiswe ukuphepha nobuqotho bemininingwane yakho nawo wonke amalungelo maqondana nedatha yakho yangasese ongayijabulela ngaphansi komthetho osetshenziswayo.
- Sicubungula imininingwane yakho ngaphakathi nangaphandle kwe-European Economic Area (EEA), kufaka phakathi nase-USA. Ukuze ucubungule imininingwane yakho eyenzelwe izinhloso ezichazwe ku-Article 3 ngenhla, futhi singadlulisa imininingwane yakho kubantu besithathu abacubungula thina ngaphandle kwe-EEA. Ibhizinisi ngalinye elingaphandle kwe-EEA elisebenza ngemininingwane yakho lizoboshwa ngokuphepha okuvikelekile maqondana nokucubungulwa kwemininingwane yakho yangasese. Kwa-CSI, ukuvikela okunje kuvela kokuthi siboshwe ngokuqondile ngokuhambisana nomthetho we-EU kumongo wokuvikelwa kwemininingwane yomuntu siqu. Okwesithathu, ukuphepha okunjalo kungaba ngumphumela we:
- YIMIPHI IMIPHAKATHI YOKUGCINA ESIPHILA NAYO?
- Senza konke okusemandleni ethu ukucubungula kuphela leyo mininingwane yomuntu siqu edingekayo ukufeza izinhloso ezibhalwe ngaphansi kweSigaba 3 ngenhla.
- Idatha yakho siqu icutshungulwa kuphela isikhathi esidingekayo ukuze kufezekiswe izinhloso ezibhalwe ngaphansi kwe-Article 3 ngenhla noma kuze kube yileso sikhathi lapho uhoxisa imvume yakho yokuyicubungula. Ukuhoxa kwemvume yakho kungasho ukuthi ngeke usakwazi ukusebenzisa konke noma ingxenye yama-Webhusayithi wethu. Sizokhipha idatha yakho uqobo uma ingasadingeki ngezinhloso ezichazwe ku-Article 3 ngenhla, ngaphandle kokuthi:
- Intshisakalo enkulu ye-CSI, noma omunye umuntu wesithathu, ekugcineni idatha yethu yomuntu siqu iyabonakala; noma
- Isibopho somthetho noma sokulawula noma i-oda lokwahlulela noma lokuphatha esivimbela ukuthi singazikhombi.
- uma ugcwalisa out i- Three Mailings Form, idatha yakho siqu ohlinzeke ngayo ku Three Mailings Form izogcinwa ukuze kuphele unyaka emva koku thunyelwa kwe posi lesithathu ngaphandle uma usazisa ukuthi uyaphikisana nalokho kucutshungulwa, ngaphandle uma kuvumelekile noma kufunwa abomthetho olawulayo noma abaphethe ezamacala. Uma ngenkathi lisagciniwe wena ugcwalisa enye i-Three Mailings Form, idatha yakho siqu oyihlinzekile ku Three Mailings Form oyigcwalisile okwesibili iyogcinwa kuphela uma idatha yakho siqu yokuqala isagciniwe. Uma ngenkathi lisagciniwe, ubhalisele umsebenzi we-Church noma ubhalisele ukuba ivolontiya ukuthuthukisa umphakathi nezinhlelo zokusiza, idatha yomuntu siqu owayihlinzeka lapho wawuthenga iyokuba ingxenye yerekhodi lakho yalowo msebenzi e-Church noma uhlelo, futhi singayisebenzisa ngezinhloso zokubandkanyeka kwakho lokho kuyahambisana nezinqubomgomo zobumfihlo.
- Uyaqonda ukuthi isici esibalulekile semizamo yethu yezentengiso siphathelene nokwenza izinto zethu zokuthengisa zihambisane nawe. Lokhu sikwenza ngokwenza ngokwezifiso i-profile yakho eyingqayizivele ngokususelwa kuzimpawu ezifanele njengoba kuchaziwe ku-Article 2 yale Nqubomgomo Yobumfihlo bese sisebenzisa le-profile ukukunikeza ukuxhumana, ukukhuphula, ukuhambisa, amaphephandaba kanye nolunye ulwazi lokuphromotha mayelana nezinto zokwenziwa nezinsizakalo ezingakuthakasela.
- Sizothatha izinyathelo ezifanele zobuchwepheshe nezenhlangano ukugcina idatha yakho uqobo iphephile ekungeneni okungagunyaziwe noma ukweba kanye nokulimaza ngephutha noma kokubhujiswa. Ukutholwa ngabasebenzi bethu noma abasebenzi beqembu lesithathu kuzoba ngesidingo sokwazi kuphela futhi kubhekane nezibopho eziqinile zobumfihlo. Uyakuqonda, nokho, ukuthi ukuphepha nokuvikeleka kuyizibopho zemizamo emihle kakhulu ezingasoze zaqinisekiswa.
- Uma ubhalisile ukuthola imininingwane yokuphromotha, njengokuxhumana, ukukhuphula, ukulethwa kanye nezincwadi zezindaba, nge-imeyili noma ezinye iziteshi zokuxhumana ngomuntu nomuntu, ungaguqula okuthandayo ngokuthola imininingwane enjalo yokuphromotha ngokuchofoza ukuphuma Isixhumanisi esinikezwe kulolo lwazi lwentengiso.
- Uma ubhalisele ukuthola imininingwane e-promotional ephepheni, njengomagazini, ezokuxhumana, ukukhuphula, ukulethwa kanye nezincwadi zezindaba, ungenqaba ukuthola eminye imininingwane e-promotional ephepheni ngokuthumela isicelo kwi-Data Protection Officer ngokuya ngeSigaba 7.8 sale Nqubomgomo Yobumfihlo .
- AYINI AMALUNGELO AKHO?
- Ungacela noma ngasiphi isikhathi imininingwane yedatha yakho siqu, ukulungiselwa, ukwesulwa noma ukuvinjelwa kwedatha yakho siqu futhi ungaqhubeka uphikisane nokucubungulwa kwayo ngokuxhumana nabe Data Protection Officer nge dpo@scientology.netnoma kulemininingwane engenzansi.
- Ngokuqondile kakhulu, u namalungelo okucela ukufinyelela kuyo yonke idatha ecunbungulwe yithi emayelana nawe, okusho ukuthi unelungelo lokusicela ikhophi ledatha yakho siqu. Sigodla ilungelo lokukhokhisa imali yokuphatha efanelekile yezicelo eziningi ezilandelwayo zokufinyelela ezihanjiswe ngokucacile zokudala inkathazo noma ukulimaza kithi. Isicelo ngasinye masicacise yiziphi izigaba zedatha ofisa ukuzifinyelela futhi zakuphi ukucubungulwa komsebenzi.
- Une lungelo lokulungiselwa, i.e. ukucela ukuthi noma iyiphi idatha yakho ephathelene nawe enganembile, ilungisiwe ngesihle. Uma ufaka isicelo sokulungiswa, isicelo sakho sidinga ukuhambisana nobufakazi bemvelo enephutha yedatha ebuzwa ngayo.
- Une lungelo lokuhoxisa imvume yakho oyinikeze ngaphambilini yokucubungula idatha yakho siqu.
- Une lungelo lokwesula, i.e. ucele ukuthi idatha yakho siqu eliphathelene nawe lisuswe uma lama datha engasadingeki ngokuya ngezinhloso ezichazwe ngenhla noma uma uhoxisa imvume yakho yokuba acubungulwe. Kodwa-ke, udinga ukukhumbula ukuthi isicelo sokususwa sizohlolwa yithina:
- Izintshisekelo zethu nezesithathu ezingahle zibheke ngaphezulu kwezintshisekelo zakho; noma
- Izibopho zomthetho noma zokulawula noma ama-oda wokuphatha noma okwahlulela angaphikisana nokususwa okunjalo.
- Une lungelo ukuvinjelwa esikhundleni sokususwa, i.e. ukucela ukuba sikhawule ukucubungulwa kwedatha yakho siqu uma:
- Siqinisekisa ukunemba kwemininingwane yakho; noma
- Ukusebenza akukho emthethweni futhi uphikisana nokususwa kwemininingwane yakho; noma
- Udinga idatha yakho siqu ukusungula, ukusebenzisa noma ukuvikela isimangalo esisemthethweni, ngenkathi singasayidingi imininingwane yakho eyenzelwe izinhloso ezibhalwe ngenhla; noma
- Siyaqinisekisa ukuthi izintshisekelo zethu ezingokomthetho zibeka phansi izintshisekelo zakho uma usebenzisa ilungelo lakho lokuphikisa (buka ngenzansi).
- Une lungelo lokuphikisana nokucubungulwa kwedatha lomuntu siqu ngenjongo yokudayiswa ngokuqondilefuthi,ukwengeza, uma:
- Kunezizathu zobulungiswa ezixhumene ikakhulukazi nesimo sakho ezibiza lokho kuphikisana; futhi
- Ukucubungula kusekeleke ekuthakaseleni kwethu ngokomthetho futhi lokuthakasela kwethu ngokomthetho akuvimbeli ukuthakasela kwakho.
- Unalo ilungelo lokuphatheka kwedatha, i.e. ukwamukela kithi nge-format ehlelekile, esetshenziswa kakhulu futhi efundeka ngomshini yonke imininingwane yakho osinikezile uma ukucubungula kusekelwe kwimvume yakho noma isivumelwano nawe futhi nokucubungula kwenziwa ngendlela ezenzakalelayo.
- Uma ufisa ukuhambisa isicelo sokusebenzisa elilodwa noma amaningi amalungelo akleliswe ngenhla, ungaxhumana Nesikhulu Sokuvikelwa Kwemininingwane yethu ngokuthumela i-imeyili ku-dpo@scientology.net. I-imeyili ecela ukusebenzisa ilungelo ngeke ithathwe njengokuvuma nokuqhutshwa kwemininingwane yakho yangasese ngaphezu kwalokho okudingekayo ekuphatheni isicelo sakho. Isicelo esinjalo kufanele sihlangabezane nemibandela elandelayo:
- Yisho ngokucacile ukuthi yiliphi ilungelo ofisa ukulisebenzisa; futhi
- Yisho ngokucacile izizathu zokusebenzisa ilungelo lakho uma kudingeka lokho; futhi
- Isicelo sakho kufanele sibhalwe phansi futhi sisayinwe; futhi
- Isicelo sakho kufanele sihambisane nekhophi elicashuniwe ledijithali yomazisi wakho osemthethweni okubonisa umazisi wakho. Uma usebenzisa ifomu lokuxhumana, singakucela isiqinisekiso sakho esisayiniwe kanye nobufakazi bokuthi ungubani.
Sizokwazisa ngokushesha ukuthi usitholile isicelo sakho. Uma isicelo sihlangabezana nale mibandela engenhla futhi kufakazelwa ukuthi siyasebenza, sizoyihlonipha masinyane ngangokunokwenzeka nangezinsuku ezingamashumi amathathu (30) zakamuva ngemuva kokuthola isicelo sakho. Uma unezikhalazo maqondana nokucubungulwa kwemininingwane yakho uqobo, ungaxhumana ngaso sonke isikhathi neSikhulu Sokuvikelwa Kwedatha yakho ngokuthumela i-imeyili ku-dpo@scientology.net. Uma uhlezi unganelisekile ngempendulo yethu, ukhululekile ukufayela isikhalazo nabavikeli abanegunya bedatha abanekhono (buka uhlu lwabanamagunya ezweni lonke ku edpb.europa.eu/about-edpb/board/members_en.
- DATA PROTECTION OFFICER
- Uma unanoma yimphi imibuzo ngale Nqubomgomo Yobumfihlo, uyacelwa uxhumane nabe Data Protection Officer e- Scientology Continental Liaison Officer for Europe (DPO), Fbriksparken 15, 2600 Glostrup, Denmark, noma thumela ku imeyili ku dpo@scientology.net.
|
INJONGO |
I-LEGAL BASIS |
1. |
Sicubungula idatha yakho ukuze sikuthumele imininingwane yoku-promote yezinsiza zethu nezinsizakalo, njengokuxhumana, ukukhuphula, ukulethwa kanye nezincwadi zezindaba, nge-email noma ezinye iziteshi zokuxhumana nge-elekthronikhi yomuntu nomuntu uma uvuma ngokucacile ukuthola imininingwane e-promotional. |
Imvume yakho
|
2. |
Kuhlaka lokukuthumela imininingwane e-promotional, njengokuxhumana, ukukhuphula, ukulethwa kanye nezincwadi zezindaba, nge-email noma ezinye iziteshi zokuxhumana ngomuntu nomuntu, sicubungula imininingwane yakho ukuze siqoqe imininingwane ukuze sihlaziye imininingwane yethu yoku-promote. Yikuphi kokuqukethwe kwethu kulolo lwazi lokukhuthaza osufinyelele kulo noma oxhumeka kulolo lwazi lokukhuthaza oluchofozile). |
Imvume yakho |
3. |
Sicubungula imininingwane yakho ukuze sakhe i-profile eyingqayizivele yakho ukuthuthukisa ulwazi lwakho ngokuya nge-location yakho, umlando we-oda lakho, okuthandayo, okukhethayo, okuqukethwe imininingwane yethu yokufinyelela oyitholile futhi, uma uhlole ubuntu, imininingwane yobuntu esingayithola ezimpendweni oyinikeza imibuzo ebuziwe ngesikhathi sokuhlolwa kobuntu. |
Imvume yakho |
4. |
Sicubungula imininingwane yakho ukuze sikwazi ukucubungula i-oda lakho futhi sikwazi ukuletha kuwe izinto zokwakha noma imininingwane oyicelile noma ukukunikeza ngezinsizakalo ozicelayo. |
Isivumelwano nawe |
5. |
Sicubungula imininingwane yakho ukuze sikunikeze, ngendlela eqondene nomuntu futhi esebenza kahle ngezinto zokwenziwa, izinsizakalo noma imininingwane oyicelayo nge-webhusayithi yethu, i-email, ucingo, i-fax noma iziteshi zokuxhumana nabantu. |
Intshisekelo yethu esemthethweni Isivumelwano nawe |
6. |
Sicubungula imininingwane yakho siqu: • uku ukulandela izibopho zomthetho okufanele sizithobele, noma • uku ukulandela noma yisiphi isicelo esifanele esivela kubameli noma abomeleli abanolwazi, abaphethe ezomthetho, izinhlaka zikahulumeni noma izinhlangano, kubandakanya nabaphethe ukuvikela imininingwane, noma • kuya ku ukudlulisa imininingwane yakho siqu emaphoyiseni noma kubaphathi bezomthetho ngokuzimela kwethu njengobufakazi noma uma sinesizathu esizwakalayo sokusolwa kwesenzo esingemthetho noma ubugebengu owenziwe nguwe ngokusebenzisa i-Webhusayithi yethu, iziteshi zethu zokuxhumana noma ezinye iziteshi zokuxhumana. |
Isibopho esingokomthetho |
7. |
Uma usugcwalise amaThree Maililings Form, sicubungula imininingwane yakho siqu ukukuthumelela ngeposi lemininingwane ngokusebenza kwe-Church yethu nezinhlelo zalo ngokuya ngoku thakasela kwakho. Nokho, awunakuthunyelelwa leliposi uma usuke walamukela kunyaka owendlule, ngaphandle uma wamukele ukuthunyelelwa leliposi ngonyaka owendlule ngoba uphinde wagcwalisa i- Three Mailings Form kwenye i-Church yendawo. Ungaphikisana nokuqhubeka wamukela okuthunyelwayo noma ngasiphi isikhathi ngokuxhumana no dpo@scientology.net |
Intshisekelo yethu esemthethweni |
8. |
Sicubungula idatha yakho ukuze sikuthumele imininingwane yokuphakamisela izinto zokwakha noma izinsizakalo ezifanayo nalezo ovele wazithenga noma wazithola kithi, njengokuxhumana, ukukhuphula, ukulethwa kanye nezincwadi zezindaba, nge-email noma ezinye iziteshi zokuxhumana umuntu nomuntu. Ungakhetha ukuphuma ekwamukeleni esikuthumelayo ngokucomfa isixhumanisi opt-out ku imeyili, noma sikhathi sini ngokuxhumanadpo@scientology.net. |
Intshisekelo yethu esemthethweni |
9. |
Sicubungula imininingwane yakho siqu ukuze senze ezinye izinhloso zokumaketha, njengase phepheni noma ngesiteshi se-media yokuxhumana nabantu, i.e okusho ukukunikeza imininingwane ehlosiwe yoku-promote, njengokuxhumana, ukukhuphula, ukulethwa kanye nezincwadi zezindaba ze-CSI kanye nabalingani abakhethwe ngokucophelela. Futhi, singashicilela isithombe sakho kwenye yama Webhusayithi ethu noma izinkundla zokuxhumana. Uma ungavumelani, sicela ungameli umthwebuli wezithombe zethu. Uma ufisa ukuthi isithombe essishicilelwe sisuswe, uyacelwa ukuxhumana nabe Data Protection Officer ngokuthumela i- imeyili ku dpo@scientology.net. |
Intshisekelo yethu esemthethweni |
10. |
Sicubungula imininingwane yakho ukuze senze ucwaningo lwezibalo ukuze sikwazi ukuthuthukisa i-webhusayithi yethu, imininingwane yoku-promote, izinto zokwenziwa kanye nezinsizakalo noma ukuthuthukisa izinto ezintsha nezinsizakalo. |
Intshisekelo yethu esemthethweni |
11. |
Sicubungula imininingwane yakho ukuze silondoloze izintshisekelo zethu ezisemthethweni noma sigcine izintshisekelo ezisemthethweni ze-third party uma kungenzeka ukusetshenziswa kwewebhusayithi yethu, iziteshi zethu zokuxhumana nabantu noma ezinye iziteshi zokuxhumana zingabhekwa. • ukwephulwa kwanoma yimiphi imigomo esetshenziswayo yokusetshenziswa kwi-webhusayithi yethu noma amalungelo obunikazi bempahla noma amanye amalungelo ethu noma awe-third party, noma • ingozi noma usongo ekuphepheni noma ekuthembekeni kwe-website yethu, iziteshi zethu ze-media yezokuxhumana noma ezinye iziteshi zokuxhumana noma ezinye zezethu, abalingani bethu abakhethiwe noma izinhlangano ze-IT ze-third party ngenxa yamagciwane, amahhashi e-Trojan, i-spyware, i-malware noma olunye uhlobo lwekhodi enonya, noma • nganoma iyiphi indlela enenzondo, inhlamba, ukucwaswa, ukucwasa ngokwebala, ukunyundela, ukuhlambalaza, ukulimaza noma ngenye indlela engafanele noma engekho emthethweni. |
Intshisekelo yethu esemthethweni |